Isilo samabandla onke iNgonyama uMisuzulu ka Zwelithini usencome amagalelo amabutho, nabeseki besihlalo ngokuhlanza ubukhosi bukaZulu njengoba esekwazile ukusingatha uMkhosi Woselwa wokuqala ngqa esesihlalweni selokhu agcotshwa. Oka Mdlokombane uveze nokuthi lesisigodlo esisha saseMashobeni siyikuumbuzo sesigodlo seLembe. OkaNdaba uphinde wamemezela ukuthi isiyohlangana eMkhosini Wesikhumbuzo sempi yaseSandlwana ngesonto elizayo lapho ememe khona amabhungu aqeda kubuthwa ukuthi abe yingxenye yalomkhosi ozayo endaweni engcwele. Lomkhosi odonse izinsuku ezinhlanu bewusekwe uMnyango wezeMidlalo EzobuCiko namaSiko KwaZulu-Natali oholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula. #Umkhosiwoselwa2025