Isilo samabandla onke iNgonyama uMisuzulu ka Zwelithini sesincome ukusingathwa kwemikhosi kaZulu eMachobeni eNgwavuma njengesithangami esilekelele kakhulu ekukhucululeni ubundlavini ebantwini.
Oka Mdlokombane uthi ukusungulwa koMkhosi obanjelwa eMachobeni yikhona okulekele ukubhula isihlava sokukhulelwa kwezingane ezisencane eMkhanyakude.
Umkhosi Wamaganu eMachobeni ubuhlelwe ngokubambisana kwendlunkulu kaZulu, uMnyango wezeMidlalo EzobuCiko namaSiko KwaZulu-Natali oholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula egameni likahulumeni wesifundazwe kanye nomasipala iJozini noMkhanyakude.
Oka Ndaba ubekhuluma ngesikhathi kugujwa uMkhosi Wamaganu ka 2025 eMachobeni eNgwavuma ngoMgqibelo ntambama…